ICity ikhale ngokuxinwa eduze ithola isibhaxu sika-4-0

2016-12-14 19:30

Cape Town – USihlalo weCape Town City, uJohn Comitis, usezwakalise ukungenami kulandela ukubhaxatshulwa kweqembu lakhe ngo-4-0 yiPlatinum Stars ngoLwesibili kusihlwa.

Leli qembu elizinze eKapa lishaywa kanjena nje belisanda kunqoba isicoco seTelkom Knockout ngoMgqibelo nalapho lishaye khona iSuperSport United ngo-2-1 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

OLUNYE UDABA: OweChiefs ufuna ukuqeda indlala yamagoli

UComitis ukhala ngokunganikezwa ithuba elanele lokuphumula yiPSL ngenxa yokuhamba ibanga elide kweqembu lakhe ngesikhathi lisuka eKapa liya ePolokwane, laphinde lasuka ePolokwane liya eKapa. Uthi uyicelile iPSL ukuthi ihlehlise lo mdlalo weStars.

“Ngacela ngaphambi kowamanqamu ukuhlehliswa kwalo mdlalo njengoba bekungenabo ubulungiswa futhi kungenasizathu ukulindela abadlali abaphezulu ukuthi badlale ezinsukwini ezintathu futhi ngemuva kowamanqamu…,” kusho uComitis.

“Angibagxeki abadlali bami. Ngidiniwe ukuthi angizange ngenze umsindo owanele ngomdlalo onobulungiswa.”

ICity izobhekana neSuperSport United emdlalweni wayo olandelayo ngoLwesihlanu, mhlaka-16 kuDisemba.

Lo mdlalo uzoqala ngo-18:00.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C a few showers. More sun than clouds. Cool. PE: 11-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...