ICity ezinhlelweni zokusayina abebengabagadli beChiefs nePirates

2017-07-17 09:31

Johannesburg – Kubikwa iPolokwane City isikulungele ukwamukela lowo owayengumgadli we-Orlando Pirates, uTheo 'Ronaldo' Tsowaseb, kanye nalowo owayengumgadli weKaizer Chiefs, uDavid Zulu, ukuze ibahlole, kubika iKickOff.com.

'URonaldo' wasayina nePirates eminyakeni embalwa edlule kodwa wabuye wabuyela eqenjini laseNamibia kungekho mnyakazo otheni awenza ngokudlala kuMabhakabhaka emidlalweni esemthethweni.

OLUNYE UDABA: Kuhlomulise omunye umdlali weSundowns ukuhamba kosayinwe iPirates

UZulu kuyimanje akanaqembu kulandela ukuthi iChiefs yakhetha ukuyingavuseleli inkontileka yakhe ngemuva kokubolekiswa kuChippa United.

Ngokusho komthombo osondelene neRise and Shine, bobabili laba dlali kulindeleke ukuba batheleke ePolokwane ngoMsombuluko ukuze bahlolwe.

“UTheo usevele usesezweni (eNingizimu Afrika) ukuzoqala ukuziqeqesha nePolokwane ngoMsombuluko,” kusho umthombo. “UZulu naye uzojoyina ngoMsombuluko ukuze ahlolwe.”

- Netwerk24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 14-18°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...