ICity ayikaliphonsi ithawula ngokusayinisa owayengumdlali weChiefs

2017-09-06 09:29

Johannesburg - ICape Town City ayikaliphonsi ithawula ngethuba lokuthola owayengumdlali weKaizer Chiefs uMandla Masango ngoJanuwari.

Kuvele ukuthi iCity yazama ngemizuzu yokugcina ukusayinisa uMasango ngaphambi kokuvalwa kwewindi lokuthengwa kwabadlali, kodwa ikilabhu yaseDenmark iRanders yasichitha isiphakamiso.

ICitizens ifuna ukuvala isikhala esishiywe nguLebogang Manyama olibangise eTurkey, ebifuna ukusivala ngoSifiso Myeni ngaphambi kokuba abolekiswe kwiSuperSport United esuka kwiBidvest Wits ngeledlule.

OLUNYE UDABA: UJele uyaxolisa ngesenzo sakhe

Usihlalo weCity uJohn Comitis ukuqinisekisile ukuthi bafuna uMasango, obebolekiswe kwiSuperSport ngesizini edlule. 

"Besifuna ukumsayinisa kodwa ‘imali’ ebifunwa yikilabhu yakhe ibiphezu kakhulu kithina,” kusho uComitis.

"Sizophinde sizame futhi ngoJanuwari uma kunesidingo,” kusho isikhulu.

- KickOff.com

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...