IChippa ithukuthele iyaveva ngendlela yeBafana yokuziqeqesha

2017-04-05 12:32

Johannesburg  - Sekuvele umbiko wokuthi iChippa United ithukuthele igane unwabu ngezindlela zokuziqeqesha ezisetshenziswa yiqembu lesizwe, iBafana Bafana, kulandela ukulimala komdlali wayo wasemuva, uDiamond Thopola.

Leli qembu lesizwe belidlala imidlalo yobungani ngesonto eledlule nangesonto ebelandulela eledlule emidlalweni yobungani neGuinea-Bissau kanye ne-Angola.

Ngemuva kwalemidlalo, umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, ugxeke obambe njengomqeqeshi weBafana, u-Owen Da Gama, ngezinsolo zokusebenzisa ngokweqile umdlali wakhe wasemuva ohlangothini lwesobunxele, uLebogo Langerman, kanjalo nezindlela zokuziqeqesha eziqinile nokuthiwa zishiye abanye babadlali beSundowns abadlala kuBafana bekhathele beyimvithi.

OLUNYE UDABA: UDa Gama ugxeka i-Angola ngamaqhinga okuvala emuva

Manje, ngokwe-website yeSoccer Laduma, umthombo okwiChippa United uthi ikilabhu yabo ayeneme neze ngokuqhubekayo enkanjani yebafana ngemuva kokuthi uDiamond Thopola ebuye eselimele.

Lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala akazange adlale emdlalweni lapho iChilli Boys ibhaxatshulwe khona ngo-4-1 yiCape Town City ngoMsombuluko.

“UThopola usebizwe kuBafana izikhathi ezine manje. Ubuye eselimele ekhempini yakamuva,” kusho umthombo.

“Yinto ehlangene nokuziqeqesha abakuthola kuBafana. Njengekilabhu, sibheka ukunqaba ukumdedela uma ngabe esebizwa.

“Ubengekho emdlalweni [wangoMsombuluko]. Kwenzeka njalo. Ngiyakuqonda ngokugcwele futhi ngiyavumelana nohlangothi lukaPitso.

“Sithukuthele kabi. Lento kumele ibhungwe ngokushesha. Izinyathelo ezinqala kumele zithathwe ngokushesha. Asithokozile.”

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-30°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-26°C Rain late. More sun than clouds. Warm. Bloem: 7-26°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 11-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...