IChippa ezinhlelweni zokudayisa isihlabani

2017-06-22 15:59

Johannesburg - Isikhulu seChippa United, uSiviwe 'Chippa' Mpengesi, sesidalule ukuthi sicabanga ukudayisa uThamsanqa Sangweni, ngokombiko.

USangweni,28, ubelokhu emataniswa ne-Orlando Pirates kanye neKaizer Chiefs ezikhathini ezedlule.

Njengamanje maningi amaqembu okubikwa ukuthi axoxisana ne-United, kanti noMpengesi usekulungele ukumdedela lo mdlali ngaphambi kokuqala kwesizini ezayo.

OLUNYE UDABA: OweBaroka uthi ubengenakho nokuncane ukungabaza

"Sizomvumela [uSangweni] ukuba ahambe. Kukhona esesibekelwe khona etafuleni esikubhekayo,” kusho uMpengesi kwiKickOff.com.

USangweni, kanye nozakwabo uRhulani Manzini, basayina isivumelwano seminyaka emithathu neChilli Boys ngoDisemba nyakenye.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...