IChiefs yabaneshwa idlala neDowns - Hunt

2018-02-02 16:00

Johannesburg - Umqeqeshi weBidvest Wits uGavin Hunt uthi bazobhekana nobunzima uma sebedlala neKaizer Chiefs eyenza kahle kulezi zinsuku emdlalweni ozoba ngempelasonto, kodwa ubuyelwa yithemba uma ecabanga ngomdlalo wabo owedlule.

IChiefs ibukeka yenza kahle muva nje, njengoba sekuphele imidlalo eyisithupha yagcina ukwehlulwa kanti isinqobe imidlalo emine yadlala ngokulingana kwemibili.

Iqembu likaSteve Komphela lenza kahle nasemuva, kwazise lisangenelwe amagoli angu-11 kuphela emidlalweni engu-19 kanti yiMaritzburg United kuphela enye ikilabhu esangenelwe amagoli amancane kangaka.

Yakwazi futhi iChiefs ukubamba iMamelodi Sundowns – esishaye amagoli angu-31 emidlalweni engu-19.

Kodwa uHunt ucabanga ukuthi iChiefs yabaneshwa ukungawini ngesikhathi idlala neDowns ngempelasonto edlule.

OLUNYE UDABA: Isicoco sizomuka nabasilambele - Teko

“Yebo, ngababuka. Akulula ukudlala nabo, ngicabanga ukuthi babaneshwa nje bedlala neSundowns,” kusho uHunt.

Ngesikhathi la maqembu egcina ukudlala ndawonye iClever Boys yehlula iGlamour Boys ngo-1-0, ngegoli likaJames Keene eBidvest Stadium emdlalweni owandulela owamanqamu eTelkom Knockout ngoNovemba.

UHunt ukholelwa ukuthi ngeke kube yinkinga ukwakha amathuba uma sebebhekene neChiefs, kodwa unethemba lokuthi bazowasebenzisa ngendlela abenza ngayo bedlala behlula iSuperSport United ngo-4-1.

Umdlalo weWits neChiefs uzoba seBidvest Stadium ngoMgqibelo ebusuku, kanti kulindeleke uqale ngo-18:00.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-25°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-24°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 22-27°C Widely scattered tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...