IChiefs izokhulula abadlali abane uma kuphela isizini

2018-03-27 18:00

Cape Town - Izinkunzi zaseSoweto ezidlala ku-Absa Premiership, iKaizer Chiefs, kulindeleke ukuba zikhulule abadlali abane uma sekugoqwa le sizini.

Ngokusho kombiko weKickOff, uBrilliant Khuzwayo uzoshiya eNaturena kulandela ukulinda iminyaka eminingi ukuthola ijezi ngaphambi kuka-Itumeleng Khune.

Inkontileka kaKhuzwayo iphelelwa yisikhathi ngasekupheleni kukaJuni.

Lo nozinti uyamaniswa nokuyodlalela iCape Town City kanti ne-Orlando Pirates kunemibiko ethi imgaqele lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala.

Abadlali basesiswini oKeagan Buchanan no-Edmore Chirambadare nabo basendleleni bekanye nomdlali wasemuva uSibusiso Khumalo.

OLUNYE UDABA: USukazi uqinisekise ukuthi uKhuzwayo usajabule kwiChiefs

UKhumalo uhlulekile ukwenza umehluko ngenxa yokuhlaselwa yishobolo lokulimala kusukela asayiniswa aMakhosi esuka kuSuperSport United ngesizini eyedlule.

Khonamanjalo, inkontileka kaTsepo Masilela izophelelwa yisikhathi uma kuphela isizini ka-2017/18.

Amakhosi azobuyela ejokeni ngoMgqibelo, mhlaka-31 Mashi uma esedlala kuma-quarterfinal eNedbank Cup neBaroka FC.

Umdlalo uzoqala ngo-19:30. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...