IChiefs izodlala singekho isiqongqwane sasemuva

2017-02-17 18:00

Cape Town – Isiqongqwane sasemuva seKaizer Chiefs, u-Eric Mathoho, sizowuzwa ngendaba umdlalo olandelayo waleli qembu uma ngabe selibhekene neHighlands Park kulandela ukumiswa kwaso ngenxa yokuthola amakhadi angu-5 aphuzi.

Lokhu kumiswa kwalo mdlali kungase kuwagqeme ingozi amaGlamour Boys njengoba lesi siqongqwane sasemuva sesijwayele ukudlala ngokubambisana noLorenzo Gordinho ukuqinisa udonga lweChiefs.

OLUNYE UDABA: I-Ajax ifuna ukuwuletha eThekwini umdlalo wayo neChiefs

Kodwa-ke ngakolunye uhlangothi, ukungabi bikho kwalesi sitobha esineminyaka engu-26 kungase kunike abadlali abafana noDaniel Cardoso kanye noSiyanda Xulu ithuba lokuthi bachaze umqeqeshi uSteve Komphela.

Ngakolunye uhlangothi, uKomphela kungenzeka azame ezinye izindlela zokuvala isikhala, okubalwa nokuthi adlalise uRamahlwe Mphahlele endaweni kaMathoho, bese efaka omunye wabadlali bakhe emuva, ohlangothini langakwesokudla.

IChiefs izobhekana neLions of the North ngoMgqibelo emdlalweni we-Absa Premiership eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Lo mdlalo uzoqala ngo-18:00.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-16°C Sunny. Cool. Pta: 7-22°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 4-20°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 3-19°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 15-23°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...