IChiefs izimisele ngokuthola umgadli weDowns - Umbiko

2017-01-18 11:30

Johannesburg - IKaizer Chiefs ifuna ukuzama ukuthola umgadli waseColombia, uLeonardo Castro, ngokusho kombiko weSoccer Laduma.

Phambilini kubikwe ukuthi uCastro wavuma ukusayina inkontileka entsha nengcono kuMamelodi Sundowns, kodwa ubengakasayini lutho.

Inkontileka yalo mdlali neDowns iphelelwa yisikhathi ekupheleni kukaJuni 2018.

Manje, iSoccer Laduma ithi ithole ngemithombo yayo emibili ukuthi iChiefs izama ukuthola ukuthi ngeke yini yakwazi ukumletha eNaturena lo mgadli oneminyaka engu-27 ubudala ukuze ezosiza ekuqedeni indlala yamagoli.

OLUNYE UDABA: I-Arrows iqinisekise ukuthi isayinise oweWits

Lo mgadli waseColombia uzibonakalisile ukuthi ubukhali phambili, futhi ubambe iqhaza elibonakalayo kuleli qembu laseChloorkop.

Njengoba lisavuliwe iwindi lokuthengwa kwabadlali, kuzobonakala ukuthi ngabe iChiefs izokhuluma yini namaBrazilian ngokuthatha lo mdlali.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...