IChiefs izimisele ngokusayinisa abanye abadlali - Bobby Motaung

2018-01-10 17:59

Cape Town - Imenenja jilekele yeKaizer Chiefs uBobby Motaung useqinisekisile ukuthi aMakhosi azokwandisa isikwati ngenhloso yokusiza ithimba labaqeqeshi.

UMotaung ukhulume kanje ngesikhathi lezi zinkunzi zaseSoweto zethula uRob Hutting oqashwe njengeTechnical Advisor.

IChiefs iphinde yethula abadlali abasha ebasayinisile; uLeonardo Castro osuka kwiMamelodi Sundowns, uSiphelele Ntshangase noKabelo Mahlasela abasuka kwiBaroka FC neBloemfontein Celtic, ngokulandelana kwabo, kanye noSiphosakhe Ntiya-Ntiya okhushulelwe esikwatini esikhulu esuka kwesisemazingeni aphansi kule kilabhu.

Le kilabhu iphinde yaqinisekisa ukuthi uCastro uzogqoka u-No 8, uNtshangase yena afake u-No 5 kuthi uMahlasela athole u-No 17.

UMotaung uvumile ngesikhathi kunesithangami sabezindaba wathi: "Bekunzima ukungatholi lutho ebesihlose ukuluzuza. Sihlela ukuqinisa isikwati ukuze sisize ithimba labaqeqeshi. Sithenge abadlali abasha kanti sihlela ukusayinisa abanye kungekudala."

OLUNYE UDABA: Naba abadlali abasha beKaizer Chiefs...

Abafana bakaSteve Komphela babukeka bedonsa kanzima kule minyaka ngaphansi kwesandla salo mqeqeshi owake wacija iMaritzburg United njengoba bengakaze bawine lutho.

UMotaung uphinde wethula uHutting waveza ukuthi uzoba ngumeluleki wethimba labaqeqeshi.

"Ubudlelwano bethu noRob buqale ngonyaka owedlule ngaboJuni. Sekunesikhathi senza ucwaningo kanye nosihlalo nomqeqeshi," kunanela uMotaung.

"URob uzodlala indima enkulu ekwelulekeni isikwati esikhulu naleso esidlala emazingeni aphansi."

IChiefs izobhekana nePolokwane City emdlalweni wayo olandelayo ozobe ubanjelwe e-FNB Stadium ngoMgqibelo.

Umdlalo uzoqala ngo-20:15.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...