IChiefs ixoxisana neBaroka ngokusayinisa umdlali

2017-12-31 12:03

Johanneburg - Imibiko ithi iKaizer Chiefs ibambe izingxoxo neBaroka FC ngokusayinisa umdlali wasesiswini uSiphelele Ntshangase.

ISoccer Laduma ibika ukuthi AmaKhosi axoxisana nale kilabhu yaseLimpopo ngokuletha lo mdlali eNaturena.

Nakuba kunjalo, lamakilabhu abengakafinyeleli esivumelwaneni kanti usihlalo weBaroka uKhurishi Mphahlele udalule ukuthi izingxoxo ziyaqhubeka.

OLUNYE UDABA: IDowns ukuqinisekisile ukuthi usayinise oweCity

"IChiefs ixoxisana nathi kodwa okwamanje, usengumdlali wethu,” kusho uMphahelele ekhuluma neSiya crew.

UNtshangase sekunesikhathi eside emataniswa nalezi zinkunzi zaseSoweto, kodwa wajoyina iBaroka esuka kwiBlack Leopards ngesikhathi esedlule sokuthengiselana ngabadlali.

Isikhulu esiphezulu seBakgaga uMammilanaso sikuqinisekisile ukuthi akukho osekuphothuliwe okwamanje.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...