IChiefs isisayinise uCastro

2017-12-16 18:01

Johannesburg - IKaizer Chiefs isimemezele ukuthi isisayinise umgadli weMamelodi Sundowns uLeonardo Castro, ozoqala ukudlalela leli qembu ngoJanuwari.

Lo mdlali, 28, odabuka eColombia, oseke wadlalela amaqembu afana noCucuta Deportivo, Aguilas Doradas ezweni lakhe, ujoyine iSundowns esuka ekilabhini yaseBolivia i-Universitario de Sucre ngo-2015.

IChiefs iveze lezi zindaba ekhasini layo likaTwitter, ngokubhala ithi:"Izindaba zakamuva: ULeonardo Castro uzosijoyina ngoJanuwari #Amakhosi4Life. UCastro useyingxenye yamaKhosi 4 life!

“IChiefs neSundowns bafinyelele esivumelwaneni ngoCastro. Siyakwamukela Castro ekhaya.”

ISundowns nayo iqinisekise lezi zindaba ku-website yayo: “ISundowns neKaizer Chiefs bafinyelele esivumelwaneni sokuthi uLeonardo Castro aye eNaturena.

“Lo mgadli waseColombia uzojoyina amaKhosi ngoJanuwari. IDowns ithanda ukuthatha leli thuba ukubonga uCastro ngakwenzele ikilabhu futhi simfisela inhlanhla ekhaya lakhe elisha.”

UCastro udlale imidlalo engu-62 kuMasandawana, wafaka amagoli angu-16, wadlala indima enkulu ekwenzeni kahle kweqembu kamuva nangesizini ka-2016/17.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...