IChiefs isaqhubeka nokuvukuza abalandeli

2017-02-16 16:00

Durban - IKaizer Chiefs iyaqhubeka nokuvukuza abalandeli KwaZulu-Natal ngenhloso yokuzigcina isemithanjeni kubathandi abaningi bakanobhutshuzwayo eNingizimu Afrika yonkana, kubika iphephandaba ILANGA.

Nakuba le kilabhu ibalwa nahamba phambili kuleli ngokulandelwa kodwa kayibakhohlwa abalandeli bayo njengoba izobahambela ngaphambi komdlalo neHighlands Park we-Absa Premiership ozokuba ngoMgqibelo ngo-18h00 eMoses Mabhisa Stadium, eThekwini.

Ngokubambisana nabakwaVodacom engabaxhasi bayo, iChiefs izonikela ngezinsiza zokufunda kubantwana abali-100 kusasa ngoLwesihlanu ngo-10h00 eSibanini Hall, eMthwalume.

Ngemuva kwalokhu iChiefs izovakashela abalandeli eMega City, eMlazi kusukela ngo-12h00 kuze kushaye u-17:00. NaseMlazi iziMpofana zizokube zihambisana nabakwaVodacom bephisana ngezipho ezahlukene.

Abalandeli bale kilabhu bazothola ithuba lokubonela eduze izilomo zabo kubalwa u-Eric Mathoho, uRyan Moon, uKeagan Buchanan noCamaldine Abraw. Lapha kuzokwenziwa izinto eziningi kubalwa ukudlala i-play station nendawo ekhethekile yokushutha nabadlali bale kilabhu.

OLUNYE UDABA: Uthathe umhlala phansi owayengumdlali wePirates

Zonke lezi zinhlelo ziyingxenye yokukhuthaza abalandeli ukuhambela umdlalo weChiefs neHighlands. IChiefs ijabulise izindimbane zabathandi bayo baKwaZulu-Natal ngokubalethela eminye yemidlalo yayo yasekhaya eThekwini.

Le kilabhu uma izodlala eThekwini ivamise ukuvakashela abalandeli ezindaweni ezahlukene ngisho ezingaphandle kwaseThekwini njengoba ike yaya naseRichards Bay.

Imidlalo yeChiefs yaseThekwini ivamise ukuhanjelwa yizinkulungwane zabalandeli. Le kilabhu isazihlupha ngokuziyisa kubalandeli yize ibukwa kakhulu, kodwa amakilabhu aKwaZulu-Natal asahluleka ingcaca namanje ukuqhamuka nezinhlelo zokudoba abalandeli kwazise imidlalo yawo ivamise ukubukwa yizihlalo.

Cishe yiThanda Royal Zulu egijima kwiNational First Division (NFD) neMaritzburg United edlala kwiPremiership abangabukwa yizihlalo emidlalweni yasekhaya.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Sunny. Cool. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -2-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 7-16°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...