IChiefs isamfuna namanje umgadli woSuthu

2017-11-28 11:00

eThekwini - AmaZulu angahle alahlekelwe wumgadli wawo uma izingxoxo zekilabhu neKaizer Chiefs zihamba kahle, ngokusho kombiko.

Amakhosi sekuphele isikhathi eside etshengisa intshisekelo ngomgadli waleli qembu laKwaZulu-Natal, uMhlengi Cele, njengoba nangesizini eyedlule ayemgaqele.

Kwakulindeleke ukuthi lo mgadli oneminyaka engu-30 ubudala ajoyine le kilabhu yaseNaturena ngesizini edlule kodwa la maqembu awazange afinyelele esivumelwaneni.

OLUNYE UDABA:Bazotholelwa udokotela abadlali beSuperSport United

Kubonakala sengathi aMakhosi asefuna ziqale phansi izingxoxo zokuthenga lo mdlali.

"Kuyaziwa ukuthi iChiefs idinga umgadli kanti uCele uyile nhlobo yomuntu efunwa ngumqeqeshi uSteve "M[phathi" Komphela.

"Wayiqaphelisisa kahle indlela adlala ngayo lo mgadli ngesizini edlule futhi wayithanda," kusho umthombo wephephandaba iThe Citizen.

Omunye umthombo uthi uSuthu ngeke lube nankinga ngokudedela lo mdlali ngoba baningi abagadli elivive ngabo.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...