IChiefs ingelinye lamaqembu amakhulu e-Afrika - Paez

2017-02-04 17:02

Johannesburg - Umdlali omusha weNew Kaizer Chiefs, uGustavo Paez, ukholelwa ukuthi iqembu lakhe elisha lingelinye lamaqembu ayizinkunzi e-Afrika futhi uselangazelela ukuzibonakalisa kubalandeli.

Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala waseVenezuela umenyezelwe yiChiefs njengomdlali wayo kulandela ukusayina kwakhe inkontileka yeminyaka emibili nengxenye yonyaka ngasekuqaleni kwesonto, kanti futhi angase adlale uma leli qembu selibhekene neFree State Stars ngoFebhuwari 8.

Ekhuluma kwi-website yeqembu, uthe: "Ikhona imidlalo yeChiefs esengike ngayibona kumabonalude. Iyiqembu elikhulu, ingelinye lamaqembu amakhulu e-Afrika, futhi nabalandeli bayo bayamangalisa. Sengikulangazelele ukudlala phambi kwabo.”

"Akungabazeki ukuthi leli yithuba elihle lokujoyina umndeni weChiefs. Kuyisifiso sami ukuba ngomunye wabadlali ababalulekile eqenjini futhi ngilisize liwine izinkomishi.”

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-17°C Sunny. Mild. Bloem: -1-14°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 11-17°C Afternoon clouds. Cool. PE: 9-17°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...