'IChiefs ingamnika isipho esihle uMotaung ngokwehlula iDowns nePirates'

2017-10-16 12:30

Johannesburg - Inkakha yeKaizer Chiefs uCyril Nzama isinxuse ezikaSteve Komphela ukuba zishaye iMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates ukunikeza isipho isikhulu sekilabhu uKaizer Motaung.

Amakhosi ngoLwesibili azolibhekisa eLoftus Versfeld ukuyodlala neSundowns ngaphambi kokuba asingathe izimbangi zayo ezinkulu iPirates kowomkhaya baseSoweto e-FNB Stadium ngoMgqibelo.

Abafana bakaKomphela bangaphansi kwengcindezi kulandela ukushaywa yiBaroka ngo-2-1 ngaphambi kwekhefu le-FIFA.

OLUNYE UDABA: Udalula okumenze isahluleki kwiPirates

UMotaung ugubha iminyaka engu-73 edla anhlamvana namhlanje, kanti uNzama usemfisele okuhle kodwa uMotaung.

“Ngithanda ukufisela usihlalo eminye iminyaka eminingi,” kusho uNzama kwi-website yekilabhu.

“Ikilabhu kuzomele imnikeze isipho esihle ngokuthi ishaye iMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates. Ngaleyo ndlela uzojabula kakhulu."

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-16°C Partly cloudy. Cool. Pta: 11-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...