IChiefs ikuqinisekisile ukuthi usengowayo obedlalela iCeltic

2018-01-04 11:00

Johannesburg - IKaizer Chiefs ikuqinisekisile ukuthi isayinise uKabelo Mahlasela obedlalela iBloemfontein Celtic. 

NgoLwesithathu kuqale kwabiwa ukuthi uMahlasela kulindeleke ayohlolwa isimo sempilo yiChiefs, njengoba besekusele kancane iCeltic neChiefs bafinyelele esivumelwaneni.

Izinkunzi zaseSoweto ngoLwesithathu ntambama zibe sezikuqinisekisa ukuthi sesiphothuliwe isivumelwano kanti uMahlasela usezogqoka imibala yale kilabhu yaseNaturena.

UMahlasela ungumdlali wesibili ukusayiniswa yilezi zinkunzi zaseSoweto ngaphambi kokuqala kwesigaba sesibili sesizini ka-2017/18, kulandela ukusayinisa uLeonardo Castro obedlalela iMamelodi Sundowns.

OLUNYE UDABA: USuthu lugxeke amahlebezi 'ngeBhele'

Okwamanje akwaziwa ukuthi ngabe lo mdlali uzodlala yini uma iChiefs isibhekene neSuperSport United ngoMgqibelo mhlaka 6 Januwari.

Khonamanjalo, isikhulu esiphezulu seBloemfontein Celtic uKhumbulani Konco sivumile ukuthi balahlekelwe umdlali onohlonze kodwa banesiqiniseko sokuthi uLorenzo Gordinho – obengumdlali weChiefs – uzolisiza kakhulu naye iqembu.

UGordinho ubolekiswe kwiCeltic ngemuva kokuba iChiefs isayinise uMahlasela.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...