IChiefs igaqele umdlali wePirates – Umbiko

2016-12-17 17:05

Johannesburg – Sekuqubuke imibiko ethi iKaizer Chiefs namanye amaqembu amathathu ePremiership bagaqele umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates, uLehlogonolo Masalesa.

Lo mdlali, 24, ezingamhambeli kahle izinto kulezi zinsuku, udlale imidlalo engu-24 nje kuphela kumasizini amane nesigamu awahlale namaSea Robbers, kanti akekho sezinhlelweni zeqembu kule sizini.

ISoccer Laduma ibike ukuthi iChiefs ingelinye lamaqembu afuna ukusayinisa lo mdlali embanga neChippa United, Platinum Stars neCape Town City.

Umbiko uqhuba ngokuthi la maqembu azimisele ngokusayinisa lo mdlali ngoJanuwari ngenxa yokuthi ufuna ithuba lokuba senkundleni.

OLUNYE UDABA: Usecabanga ukuyeka ibhola oweBucs

Kubikwa ukuthi lo mdlali inkontileka yakhe nePirates iphela ngoJuni 2017, okusho ukuthi usengakwazi ukusayina i-pre-contract nelinye iqembu ngoJanuwari.

Ikusasa lalo mdlali eMayfair libukeka limfiliba njengoba ebengalinuki ijezi ngaphansi kukaMuhsin Ertugral kanti naku-Augusto Palacios kwenzeka esifanayo.

Lo mdlali waba nesizini enhle ngo-2011/12 esadlalela iBidvest Wits, wabe esethathwa yiPirates.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 12-22°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C Morning clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Afternoon clouds. Cool. PE: 16-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...