IChiefs igaqele uJali - Umbiko

2017-03-09 09:35

Johannesburg - IKaizer Chiefs izama ukubheka ukuthi ingamthola yini umdlali we-KV Oostende u-Andile Jali, njengoba lo mdlali owayegijima kwi-Orlando Pirates ekuthola kunzima ukuthola ijezi eBelgium.

Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala wayelithola cishe njalo ijezi kwi-Oostende ngesizini ka-2015/16, kodwa ngeka-2016/17 usadlale imidlalo eyisikhombisa kuphela yeligi futhi akungabazeki ukuthi lokhu kuzomenza acasuke ngokuhamba kwesikhathi.

UJali usasalelwe unyaka owodwa kanye nengxenye yawo kwinkontileka yakhe naleli qembu laseBelgium – kanti i-Oostende mancane amathuba okuba imdedele ngemali encane njengoba lo mdlalo engasasebenzisani futhi noMike Makaab, owasiza u-anele Ngcongca ashiye iRacing genk ajoyine iMamelodi Sundowns.

OLUNYE UDABA: I-SAFA yenqabe ukunxephezela uMashaba ngo-R4.1m

Okwamanje, njengoba uJali efuna ngakho konke ukudlala, kusazobonakala ukuthi angathanda yini ukubuyela ku-PSL, njengoba kuke kwakhulunywa ngaye eNaturena.

ISoccer Laduma ibika ukuthi iChiefs ifuna lo mdlali weBafana Bafana.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Showery. More sun than clouds. Cool. Pta: 6-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-22°C Sunny. Mild. Bloem: 4-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 15-22°C Mostly sunny. Cool. PE: 12-16°C Passing showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...