'IChiefs igaqele oweBlack Leopards kozovala indawo kaYeye'

2016-05-16 14:29

Johannesburg - Kubikwa ukuthi iKaizer Chiefs ibona umdlali weBlack Leopards uSiphelele Ntshangase njengomdlali efuna avale indawo kaReneilwe Letsholonyane.

ULetsholonyane uzojoyina iSuperSport United uma inkontileka yakhe isiphela eNaturena ekupheleni kwesizini ngemuva kokusayina inkontileka yeminyaka emibili naMatsatsantsa.

Funda nalolu daba: IDowns inunusela umgadli ngo-R10m

Ngokomthombo osondelene neChiefs, uNtshangase uyena mdlali ogaqelwe yilezi zinkunzi zaseSoweto, kubika iKickOff.com.

Ngesonto eledlule iKaizer Chiefs ikuqinisekisile ukuthi uYeye uyalishiya leli qembu yaphinde yabonga ukusebenzisana naye yamfisela nokuhle kodwa ngekusasa lakhe.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...