IChiefs igaqele isihlabani seCeltic - Umbiko

2017-05-09 09:30

Johannesburg - Izinkunzi ze-Absa Premiership iKaizer Chiefs zicabanga ukuthenga umdlali weBloemfontein Celtic uKabelo Mahlasela, ngokusho kweKickOff.com.

UMahlasela udlala kahle kulezi zinsuku kwiPhunya Sele Sele, kanti lokhu sekudonse amehlo kamqeqeshi weChiefs uSteve Komphela.

Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala unenkontileka neCeltic ephelelwa yisikhathi ngoJuni 2018, okusho ukuthi iChiefs kuzomele ikhokhe imali uma izimisele ngalo mdlali owake wagijima naseqenjini labafana abancane kwi-Orlando Pirates.

“Yebo, kuyiqiniso, kubukeka sengathi uSteve [Komphela] ubize uMahlasela ngenhloso yokuthola ngesimo senkontileka yakhe,” kusho umthombo weKickOff.

OLUNYE UDABA: Asizange sibe nobulungiswa kubalandeli bethu - Komphela

“Manje njengoba sebelutholile ulwazi, bazobeka okuthile etafuleni ngalo mdlali maduzane.”

UMahlasela wajoyina iCeltic ekuqaleni kwesizini ka-2015/16 engakaze alikhahlele ibhola kwiPirates.

Wabe esebolekiswa kwiRoyal Eagles edlala kuNational First Division.

Usedlale imidlalo engu-21 kwiCeltic kuyona yonke imiqhudelwano kule sizini, washaya amagoli amabili.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Heavy rain. Morning clouds. Cool. Pta: 16-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-26°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-30°C High level clouds. Warm. PE: 16-21°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...