IChiefs ifana nezulu kwabanye babadlali - Motaung

2018-01-12 14:02

Johannesburg - Imenenja yeKaizer Chiefs uBobby Motaung ithi abanye babadlali abangalitholi ijezi abafuni ukushiya le kilabhu ngoba bazizwa besezulwini kuyona.

UMotaung njengamanje uxoxisana namaqembu ehlukene ngokuwaboleka abanye babadlali abangalitholi ithuba lokudlala eNaturena.

Inselelo ababhekene nayo kodwa eyokuthi kunabanye abadlali abancamela ukuhlala ebhentshini kunokuba bathole ithuba lokudlala kwamanye amakilabhu.

OLUNYE UDABA: IChiefs izimisele ngokusayinisa abanye abadlali - Motaung

“Ngisho abadlali ebesifuna ukubabolekisa, abanye abafuni ukuhamba. Angazi ukuthi kungani, iChiefs ifana nezulu ngokucabanga kwami.”

“Ngisho umdlali ocabanga ukuthi udinga ithuba lokudlala ukuze azibonakalise, kunzima ukuba bahambe. Kodwa ekugcineni, ngeke sabavimbela abadlali ithuba lokuzibonakalisa. Umdlali ubonakala ngokuthi adlale.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...