IChiefs idlale inovalo lokungcofwa ngabalandeli

2017-04-03 14:01

Johannesburg - Badlale benovalo lokungcofwa ezinkundleni zokuxhumana abadlali beKaizer Chiefs eguqise ngo-2-1 ompetha beligi iMamelodi Sundowns kowe-Absa Premiership ngoMgqibelo ntambama eFNB Stadium, eSoweto.

Amagoli okunqobe ngawo iChiefs avalelwe enethini ngoBernard Parker nomkhonto ugwaze ekhaya kaBangaly Soumahoro, kwathi eleDowns lona lashaywa nguKhama Billiat. Lo mdlalo ububhekwe ngabomvu ngabathandi bebhola kwazise bekungumbango wesicoco seligi.

Ubuzokwenza umehluko omkhulu ezinhlelweni zala makilabhu njengoba esemkhankasweni wokunqoba iligi. Ziphazamisekile ezeDowns njengoba eya ngokuncipha amathuba okuthi ivikele isicoco sayo seligi. UKomphela emva kwalo mdlalo uveze ukuthi ezakhe ziye zinengebhe kulo mdlalo.

"Ngaphambi kwalo mdlalo abafana bami bangitshele ukuthi sebekhathele wukuba yisinkwa semihla ngemihla seSundowns. Baye kuwo beyilangazelele iwini.

Kodwa into abebenovalo ngayo wukuthi uma behlulwa bazoba yinhlekisa ezinkundleni zokuxhumana. Angifuni ukuqamba amanga kuyazwela uma sebengcofwa ezinkundleni zokuxhumana yingakho bedlalele ukufa nokuphila kulo mdlalo.

Kodwa ngaphandle kwakho konke lokho okunye abebeyokulwela wukuyojabulisa abalandeli. IChiefs ayikho ngathi ingabalandeli.

OLUNYE UDABA: Uqinisekisa uBaxter 'njengomqeqeshi omusha' weBafana 

Lena akuyona nje ikilabhu  yinhlangano yomzabalazo. Kodwa-ke kuyangijabulisa okwenzekile futhi kubuyisa ithemba ngesicoco seligi esisigaqele," kusho uKomphela.

UPitso "Jingles" Mosimane umqeqeshi weSundowns uyivume njengendoda induku.

"IChiefs idlale kahle kakhulu futhi ububona ukuthi iyayifuna le wini.

Umdlalo besiza nawo kwaze kwaba sibapha igoli uSoumahoro elishaya ngakithi. Ubenomdlalo omuhle kodwa konke koniwa yileli goli alishaye kithi. Kodwa-ke kufanele ngiyivume induku sihlulwe yikilabhu ebizinikele.

Isikhathi sisekhona asikalilahli ithemba sisazowajika amatafula. Into engiphethe kabi nje wukuthi sisazodonsa kanzima imidlalo yethu iwutiti ilandelana eduze. Konke lokhu kwenzeka nje ngilinyalelwe yinqwaba yabadlali. Kodwa-ke sizolwa sizozama ngawo wonke amandla ukubuyisela izinto esimweni," kusho uMosimane.

* Isiyonke imiphumela yemidlalo ye-Absa Premiership ihambe kanje: Kaizer Chiefs 2, Sundowns 1; Maritzburg Utd 2, Ajax 1; Wits 2, Platinum 0; Free State 3, Pirates 2; Arrows 2, Highlands 1; SuperSport 0, Baroka FC 1.

* EyeNFD imiphumela ihambe kanje:- Spurs 4, Tuks 0;   FC CPT 1, Leopards 2; Stellenbosch FC 1, AmaZulu 2;  Mbombela 1,  Mthatha Bucks 1; Real Kings FC 5, Milano United 1.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Sunny. Cool. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -3-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 7-16°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...