IChiefs idinga abadlali abafana nabePirates - Khanye

2016-03-08 08:02

Johannesburg - Owayengumdlali weKaizer Chiefs, uJunior Khanye, ukholelwa ukuthi Amakhosi adinga abadlali abanjengabe-Orlando Pirates.

UKhanye uchazekile ngabadlali abafana noThabo Rakhale, Thabo Qalinge noMpho Makola abaseqenjini leBhakabhaka.

Ekhuluma neSoccerLaduma ngemuva kokuhlulwa kweChiefs, uKhanye uthe ukholelwa ukuthi ayidlalanga kahle ngempelasonto.

Funda nalolu daba: Kuthiwa inkinga isemsamo kumdlali we-PSL

“Ngizokhuluma iqiniso njengomuntu owayedlalela iChiefs. IChiefs kudingeka ingazikhohlisi, ayizange idlale kahle ngempelasonto. Bayakwazi lokho. Singalugxeka udonga lwasemuva kodwa ekugcineni nabagadli kumele bashaye amagoli.

Ukuba bashaya okungenani igoli elilodwa, sasingalugxeka-ke udonga lwasemuva sithi lusenzele phansi.

“Thina (Chiefs) sihluleka ukwenza izinto zenzeke. Ngeke wadlalisa (uWillard) Katsande noLucky (Baloyi) ngesikhathi sinye. IChiefs idinga abadlali abafana nabePirates . Ngikhuluma ngabadlali abafana  (noThabo) Rakhale, (Thabo) Qalinge kanye  (noMpho) Makola.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...