IChiefs idedele unozinti

2018-02-01 18:01

Johannesburg - IKaizer Chiefs idedele unozinti obevimbela iqembu elidlala ku-reserve, uLuthando Sixhaso.

Amathuba kaSixhaso okuthola ijezi abemancane kakhulu eNaturena ngenxa yokubakhona kukanozinti weBafana Bafana u-Itumeleng Khune noBrilliant Khuzwayo esikwatini sikaSteve Komphela.

OLUNYE UDABA: ICity ibolekile owayengumdlali weChiefs

Lo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala phambilini ubolekiswe kwiCape Town All Stars edlala kwi-NFD, ngemuva kokungalitholi ijezi kwiChiefs selokhu ayijoyina ngo-2015.

Khonamanjalo, Amakhosi ngoLwesithathu amemezele ukuthi abolekise umdlali wasesiswini uWilliam Twala kwiMariztburg United ngaphambi kokuvalwa kwewindi lokuthengiselana ngabadlali.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-25°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-24°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 22-27°C Widely scattered tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...