IChiefs ibolekise ngomgadli wayo obekhuhla ibhetshi

2017-08-10 14:03

Cape Town – Umgadli weKaizer Chiefs, uMichelle Katsvairo, uzochitha isizini ka-2017/18 edlalela iqembu laseTanzania, iSingida United, njengoba esebolekiswe khona.

Umphathi walo mdlali, uMichael Ngobeni, udalule ukuthi lo mdlali, obekhuhla ibhentshi ngaphansi kukamqeqeshi uSteve Komphela ngesizini edlule, unethemba lokuthi uzovuselela ikusasa lakhe.

Lo mdlali waseZimbabwe, owayedlalela iPlatinum FC kanye neChicken Inn, wajoyina Amakhosi ngo-2016.

OLUNYE UDABA: Usejoyine i-Ajax owayedlalela iSundowns

Ekhuluma newebsite ye- IOL, uNgobeni  uthe: “UMichelle uya ekubolekisweni okuzothatha isizini eTanzania.

“Uzodlalela iSingida FC. Amakilabhu amabili, okuyiKaizer Chiefs kanye neSingida, asivumile lesi sivumelwano. Umdlali naye ujabule.”

UNgobeni uthi lo mdlali usichithile isiphakamiso seTownship Rollers yaseBotswana.

Uqhube wathi: “UMichelle ubenesiphakamiso esivela kwiTownship Rollers eBotswana, kodwa wasinqaba ngoba ubengajabule ngaso, ngakho kungakho ekhethe iSingida.

“Ngokwami, iligi yaseTanzania ingcono kuneligi yaseBotswana. Ngakho unethuba lokuvuselela ikusasa lakhe khona bese eyabuya azoziqinisekisa kuChiefs.

“Kubalulekile kuyena ukuthi athole isikhathi sokudlala. Ungumdlali odlalela iqembu lesizwe, futhi uma ngabe engadlali angeke abizwe (ejenjini lesizwe).”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C High level clouds. Mild. Pta: 6-20°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-20°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 10-18°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...