IChiefs ezingxoxweni zenkontileka entsha nomdlali - umbiko

2017-01-05 10:00

Cape Town – Umdlali ogijima esiswini kwiKaizer Chiefs, uGeorge Maluleka, kulindeleke ukuba asayine inkontileka entsha nalezi zinkunzi zaseSoweto.

Ngokombiko weSoccer Laduma, inkontileka yalo mdlali owayegijima ku-Ajax Cape Town isisalelwe yizinyanga eziyisithupha nje kuphela ekuMakhosi kanti seziqalile nezingxoxo zenkontileka entsha.

Lokhu kusho ukuthi lo mdlali usekhululekile ukuthi usengaxoxisana nanoma iyiphi ikilabhu emufunayo.

OLUNYE UDABA: Abadlali abane beChiefs bazoziqeqesha nelaphesheya

Kodwa-ke noma kunjalo, lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala ubelokhu eyingxenye yesikwadi samaGlamour Boys ngaphansi kwesandla somqeqeshi, uSteve Komphela.

UMaluleka wajoyina leli qembu laseNaturena evela kuSuperSport United kanti kusukela lapho usevalele amagoli angu-9 enethini ewashayela iChiefs.

Kusenjalo, uMaluleka kanye nabanye abadlali beChiefs bazobe benethemba lokuthi bazokwazi ukuzigcina besesimweni esifanele uma ngabe iPremier Soccer League (PSL) isibuya ekhefini ngasekuqaleni kukaFebhuwari.

IChiefs izodlala umdlalo wayo olandelayo neFree State Stars ngoLwesibili, mhla zingu-7 kuFebhuwari. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Showers early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 12-16°C Showers early. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...