IChiefs emizamweni yokusayina umdlali we-United ‘obiza itshe lemali’

2017-06-14 18:01

Cape Town – Izinkunzi zaseSoweto, iKaizer Chiefs, kubikwa ukuthi sezenze imizamo yothola umgadli weSuperSport United ovutha engabaselwe, uJeremy Brockie, yize noma kubikwa ukuthi aMatsatsatsa afuna itshe lemali kunoma yiliphi iqembu elimdingayo.

Lo mgadli odlalela iqembu lesizwe eNew Zealand uthathwa njengomunye wabadlali abababayo abadlala kwi-Absa Premiership ngemuva kokuqinisekisa ukuthi uyakwazi ukuvalela amagoli cishe angaphezu kwelilodwa njalo emidlalweni emibili.

OLUNYE UDABA: IKaizer Chiefs idedele abadlali abayisikhombisa

Lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudalala uke waba sematheni ngaphambilini, ngokufunwa kwakhe ngompetha base-Afrika, iMamelodi Sundowns, yize noma imali elinganiselwa ku-R12 million okuthiwa ukubiza kwakhe kuhlambiselwa kuyona, seyenze aba mfiliba amathuba okuthi kungase kube nesivumelwano esiphothulwayo ngaye.

ISoccer Laduma ibike ukuthi amaBrazilians yiwona angase abe sethubeni elingcono lokuthi asayine lo mdlali onenkontileka eyoze iphele ngonyaka ka-2020 neSuperSport.

Kodwa-ke Amakhosi nawo kubukeka sengathi angenile kulo mbango njengoba kubikwa ukuthi acele ulwazi ngesimo senkontileka yalo mdlali,

Ngokusho kwalo leli phephandaba, amaqembu ase-Middle East nawo asekhombise ukuba nentshisekelo yokusayina lo mdlali, yize noma zingekho iziphakamiso eziqinile ebezisenziwe kuze kube yimanje.

UBrockie usebe ngomunye wabadlali bakwamanye amazwe asebekhombise ukuvelela eMzansi njengoba esivalele enethini amagoli angu-38 lapha ekhaya kusukela afika ku-United ngesizini ka-2014/15.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...