'IChiefs bayithatha kancane abantu, kodwa isayiqembu elikhulu'

2017-09-14 09:37

Johannesburg - Umqeqeshi weCape Town City uBenni McCarthy akafunanga ukuvika ngezinguquko eziyisithupha azenzile njengoba behlulwe yiKaizer Chiefs.

ICity ibidlala neBidvest Wits kowandulela owamanqamu eMTN8 ngempelasonto, nokwenze uMcCarthy wenza izinguquko eziningi emdlalweni wabo neChiefs.

Nakuba kunjalo, uMcCarthy ushayele iChiefs ihlombe ngendlela edlale ngayo.

OLUNYE UDABA: OweDowns ucela abalandeli baphume ngobuningi

"Cha, cha abangenzelanga phansi [abadlali bami]. IChiefs idlale kahle kakhulu. Konke ebebekwenza bekubavumela,” kusho uMcCarthy kwiSuperSport.

"Bebewulungele lo mdlalo, sikhale ngaphansi. Uma ungawasebenzisi amathuba akho kuzoba nzima ngoba iChiefs iwuhlobo lweqembu elisewasebenzisayo amathuba obanikezwa wona.

Uthe abantu abaningi bayithatha kancane iChiefs kodwa isayiqembu elikhulu kuleli.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...