Ichaze abaningi eka-Andile Jali eshaya ngolwebele exoxa nabezindaba eBelgium

2017-10-14 08:45

Johannesburg – Umdlali webhola wakuleli u-Andile Jali ushayelwe ihlombe ngokungakhohlwa yizimpande zakhe kulandela ukuvumbuka kwe-video ezinkundleni zokuxhumana ekhuluma isiZulu esixuba nesiXhosa, eBelgium.

Kule video kubonakala uJali ekhuluma nentatheli yakuleliya lizwe imbuza imibuzo ngesiNgisi yena aphendule ngolwebele.

Abalandeli bakhe basincome kakhulu isenzo sakhe sokungabi ngaphansi kwengcindezi yokukhuluma isiNgisi yize ephesheya kwezilwandle.

Kule video esabalele ezinkundleni zokuxhumana, uJali ubonakala elalele ngokucophelela intatheli imbuza imibuzo ngesiNgisi, bese yena ephendula ngolimi abanye abalubize ngesiBhaca. Lo mdlali ungowokuzalwa eMatatiele.

Buka i-video ngezansi:

 

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...