ICeltic iyilungele iChiefs - Eymael

2017-04-12 12:30

Johannesburg - Umqeqeshi weBloemfontein Celtic uLuc Eymael uthi ahamba kahle amalungiselelo omdlalo wabo neKaizer Chiefs ongoLwesithathu ebusuku nakuba lungakaphothulwa udaba oluphakathi kwakhe nePolokwane City nangokukhathazeka okukhona ngenkundla iDr Molemela Stadium.

U-Eymael namanje akavumelekile ukuhlala ebhentshini emidlalweni yeCeltic njengoba udaba lwakhe neCity oluphambi kweDispute Resolution Chamber ye-PSL luphinde lwahlehliswa ngoMsombuluko.

IRise and Shine yamangalela lo mqeqeshi kwi-DRC ngemuva kokwesula kwakhe ngenyanga edlule wabe esejoyina iPhunya Sele Sele.

OLUNYE UDABA: Udilikajele kowadlwengula ingane,6, wayipha u-R5

Nakuba u-Eymael edinwe waze wathi uphathiswa okwesigebengu, umile ekutheni kunke kuhamba kahle ejimini.

“Amalungiselelo ahamba kahle. Abadlali bayayibamba indlela engifuna badlale ngayo,” kusho u-Eymael etshela iKickOff.com.

Lo mqeqeshi uthi kubuhlungu ukuthi ngeke ahlale futhi ebhentshini kanti akazi ukuthi kungani lolu daba luthatha isikhathi eside kangaka ngoba akasona isigebengu.

Uphinde wathi unethemba lokuthi abadlali bakhe bazokwazi ukudlala kahle nakuba isimo senkundla singesihle.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-27°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...