ICeltic isishintshe umqondo ngomdlali weChiefs

2017-01-24 11:31

Cape Town - IBloemfontein Celtic angeke isaqhubeka nokufuna umgadli weKaizer Chiefs, uSiphelele Mthembu, njengoba leli qembu selikholwa ukuthi uyazifanela nje nabadlali abakhona vele kule kilabhu.

Lo mgadli oke wagijima naku-Orlando Pirates ubenenhlolokhono nePhunya Sele Sele ngethemba lokuthi uzothola inkontileka, njengoba nezinto zingasamhambeli kahle ezinkunzini zaseSoweto.

Umqeqeshi weCeltic, uJohn Maduka, uthi sebeziqhelelanisile nokusayina lo mdlali odume ngelika-'Shaka Zulu'.

OLUNYE UDABA: IChiefs isikhiphe ezakamuva ngabadlali abasha nabahambayo

“Yebo, simukhululile ngoLwesihlanu ngemuva komdlalo wokuzilungiselela neqembu ebelikhethiwe laseGoli,” utshele iKickOff.

“Ngemuva komdlalo simvumelile ukuthi ahambe. Wenze kahle kakhulu sibhekene neLesotho kodwa inkinga ukuthi uyafana kakhulu nabagadli esinabo.

“Khumbula ukuthi sino-Atusaye Nyondo, u-Ayanda Dlamini, uFiston Abdul Razak kanye noMoeketsi Mvula. Futhi uma ubheka labo badlali uyabona ukuthi bayafana naye. Besifuna into ehlukile,” kuqhuba lo mqeqeshi.

Uqhube wengeza ngokuthi basaqhubeka nokuthungatha umgadli, ikakhulukazi njengoba kusavuleke iwindi lokuthengwa nokudayiswa kwabadlali. Kodwa-ke uthi bafuna umgadli osenamava, hhayi nje ivukana. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...