ICeltic ifuna ukuboleka umgadli weChiefs

2017-01-04 10:00

Cape Town - IBloemfontein Celtic ifuna ukuqinisa isikwadi sayo phambili ngokwengeza umgadli weKaizer Chiefs, uSiphelele Mthembu.

Ngokombiko weKickOff, iPunya Sele Sele ike yazama ukusayina uMthembu ngasekuqaleni kwesizini ka2016/17.

OLUNYE UDABA: Abadlali abane beChiefs bazoziqeqesha nelaphesheya

OyiCEO yeCeltic, uKhumbulani Konco, ubheke ukuba ahehe lo mgadli ukuze ayogijima kuleli qembu laseFree State ngesivumelwano sokumboleka njengoba uMthembu esizwa ngendaba isikimu kuMakhosi kule sizini.

“Sikhuluma neChiefs,” kusho uKonco.

“Sifisa ukumletha ngokumboleka.”

ICeltic kanye namanje amaqembu agijima kuPSL banesikhathi kuze kube uJanuwari mhlaka-31 ukuze baphothule noma ngabe yiziphi izivumelwano zokuthenga nokuthengisa abadlali. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...