ICape Town City yethule abaxhasi abasha bejezi

2017-08-11 14:04

Cape Town - ICape Town City FC isimemezele isikhondlakhondla senkampani yezokugembhula e-Afrika, iSportPesa, njengabaxhasi abasha asebezobonakala ejezini lale kilabhu.

“Kungokokuqala ngqa ebholeni laseNingizimu Afrika futhi sijabule ukumemezela abaxhasi abasha,” kusho umnikazi wale kilabhu, uJohn Comitis, esithangamini sabezindaba eKapa.

“ISportPesa inkampani yezokugembula engabalingani namakilabhu ahlukene, okubalwa nezinkunzi zamaNgisi, i-Arsenal. Kungaphezu kwesinqumo sokwenza imali kodwa esebhola.

OLUNYE UDABA: Abadlali abahlanu bonke be-Ajax abangalubhadanga ejimini

“Sisayine isivumelwano seminyaka emine futhi singathanda ukubonga iSportPesa ngaleli thuba,” kusho lesi sikhulu sengeza ngokuthi sibonga abadlali ngalesi sivumelwano.

Owayengumdli weBafana Bafana ohamba phambili ngokushaya amagoli nosengumqeqeshi omusha weCity, uBenni McCarthy, naye ubonge kakhulu iSportPesa ngokuxhasa le kilabhu.

UComitis ukholwa ukuthi njengoba sebenabaxhasi abakhulu kanje sebezokwazi ukuletha amakilabhu amakhulu aphesheya eKapa ukuze ezozwana amandla neCity.  Wenze isibonelo ngamaqembu afana ne-Everton, iHull City kanye neTorino.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Sunny. Mild. Pta: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-24°C Sunny. Mild. Bloem: 3-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 13-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-19°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...