ICape Town City isayinise obedlala eSweden

2018-01-03 14:01

Johannesburg - ICape Town City isiqinise isikwati sayo njengoba isimemezele ukuthi isayinise uSurprise Ralani obedlalela iHelsingborg IF eSweden.

URalani ungumdlali wesithathu ukusayiniswa yiCitizens selokhu kuvulwe iwindi lokuthengiselana ngabadlali ngoJanuwari, kulandela ukufika kukaKwanda Mngonyama noMasoud Juna.

Lo mdlali oneminyaka engu-30 ubudala kubukeka ezovala isikhala sika-Aubrey Ngoma, ojoyine iMamelodi Sundowns, kanti uzobanga ijezi no-Ayanda Patosi noLyle Lakay.

OLUNYE UDABA: Umqeqeshi woSuthu ukhala ngewindi lokuthengiselana ngabadlali

URalani, ochithe iminyaka engu-9 eSweden naseDenmark, kuzobe kungokokuqala ngqa edlala kwiPremier Soccer League, kwazise washiya iStars of Africa Academy ngo-2009.

Lo mdlali odabuka eKimberley ushaye amagoli ayisithupha, wabanesandla kwamanye amane emidlalweni engu-27 ngesizini edlule.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...