Ibingekho efuna ukugoba uphondo ePeter Mokaba izolo

2017-11-27 07:18

eThekwini - Ayikho ebifuna ukugoba uphondo ngeSonto ntambama emdlalweni wePSL obuphakathi kweBaroka FC kanye nePlatnum Stars.

Yize lo mdlalo uphele ngo-2-2, kubonakele okukhulu ukuzimisela phakathi kwawo womabili amaqembu, kodwa iyodwa inkunzi ebibonakala ngombala.

URobin Ngalande ubambe elikhulu iqhaza ukuqinisekisa ukuthi iqembu lakhe lihlala ngokukhulu ukunethezeka endaweni yokuqala.

OLUNYE UDABA:'UCastro angenza kahle kwiChiefs'

UNgalande odabuka kwelaseMalawi, wenze ezibukwayo eshaya ibhola kusukela ngaphandle kwebhokisi laqonda ngqo emapalini, labhajwa ezintanjeni ngemuzuzu embalwa ngemuva kokuba uNg’ambi eshaye inqaku lesibili.

Njengoba iBaroka inethezeke lapha phezulu, iyacwila iPlatnum Stars njengoba ihleli kunamba-15, kubika iDaily Sun.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...