IBidvest Wits isayinise obengumdlali weDowns

2017-02-15 12:31

Johannesburg - IBidvest Wits isimemezele ukuthi isayinise umdlali waseNigeria, u-Chris Uzoenyi, inkontileka emfushane.

Lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala, inkontileka yakhe ezophelelwa yisikhathi ekupheleni kwesizini kodwa esangavuselelwa, ubezama inhlanhla kuleli qembu ngemuva kokushiya iMamelodi Sundowns ngoJanuwari.

IWits kuTwitter ithe: "Kuyasijabulisa ukwamukela uChris Uzoenyi emndenini. Sikufisela inhlanhla njengoba ezoqinisa iqembu.”

OLUNYE UDABA: UManqele akakafinyeleli esivumelwaneni neChiefs

U-Uzoenyi uzobe ezama ukuvuselela ibhola lakhe kulandela ukuchitha amasizini amabili engalitholi ijezi eqenjini laseChloorkop.

Lo mdlali wajoyina iDowns ngo-2014 esuka kwi-Enugu Rangers kulandela ukudlala kahle kwakhe emqhudelwaneni we-African Nations Championship (CHAN).

AmaClever Boys kuzokhumbuleka futhi ukuthi asanda kusayinisa lowo owayengukapteni we- Ajax Cape Town uGranwald Scott ngemizamo yokuqinisa iqembu ukuze athathe isicoco seligi.

- KickOff.com

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 7-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-30°C Mostly sunny. Warm. PE: 13-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...