'IBhele' lingenza umsebenzi omuhle kwiChiefs - Ndlanya

2017-11-21 19:35

Johannesburg - Lowo owayengumgadli weKaizer Chiefs uPollen Ndlanya ukholelwa ukuthi uSiyabonga Nomvethe,39, angangena esikwatini seChiefs, adlale kahle futhi.

IChiefs ibhekene nenkinga yokuthola umdlali ongakwazi ukushaya amagoli ngaso sonke isikhathi, kanti uNdlanya, owayedlala noNomvethe kule kilabhu, ukholelwa ukuthi [uNomvete] ubengenza umsebenzi ongcono kakhulu uma iChiefs ibinganikezwa ithuba.

UNomvethe, osedlalela amaZulu FC, maningi amathuba okuba adlale uma uSuthu selubhekene neChiefs eMoses Mabhida Stadium ngoLwesibili (19:30) futhi akungabazeki ukuthi uzoba yinkinga uma enikezwa ithuba lokudlala kulo mdlalo.

OLUNYE UDABA: UKomphela ukuqinisekisile ukuthi bazingela umgadli

"Inkinga ngebhola lethu ukuthi linepolitiki. Abantu babheka ubudala bomuntu, bathi usumdala kakhulu. Ngincamela umuntu omdala kodwa okwaziyo ukudlala, kunabafana abancane abangawenzi umsebenzi,” kusho uNdlanya etshela iKickOff.com.

“Ungafaka 'iBhele' esikwatini seChiefs lifike libenzele umsebenzi, angikungabazi lokho. Yindlela ‘elinzima’ ngayo.”

UNdlanya uphinde wancoma uNomvethe ngokuzinakekela kwakhe yonke le minyaka.

Lo mdlali uzobe ehlanganisa iminyaka engu-40 ngenyana ezayo kodwa indlela adlala ngayo ifaka abanye abafana abancane ehlazweni.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...