'IBhakabhaka laqalekiswa nguSenzo Meyiwa'

2017-11-07 12:30

Durban - Uma amazwi kababa kaloyo owavimbela iBafana Bafana ne-Orlando Pirates, uSenzo Myeyiwa, uSam Meyiwa, ekholakala; izinsuku zeshobolo kwiPirates zisekude ukuphela.

USam wathi iBhakabhaka angeke lize liyithole indebe kuze kube wukuthi kuba khona oboshwayo ecaleni lokubulawa kukaSenzo futhi nezikhulu zalo zingasamzibi uma ecela usizo kuzo.

"Ngiphupha indodana yami isebumnyameni. Lokhu kuzolethela iqembu abelithanda kakhulu amabhadi.

"Indodana yami ibiyithanda kakhulu i-Orlando Pirates. Ibingumlandeli wokuqina. Yingakho ibisebenza ngokuzikhandla, iqinisekisa ukuthi iqembu alihlulwa. Kodwa yabulawa okwenja futhi akekho oseboshiwe. Ayilele ngokuthula futhi ipokela iPirates ngalokhu," kusho uSam.

OLUNYE UDABA:I-Orlando Pirates isazoqhubeka nokulandelwa amashwa, kusho uSam Meyiwa

Iqembu liphumile emqhudelwaneni weTelkom Knockout ngemuva kokuhlulwa yiPolokwane City ngo 4-2 kumaphenathi ngoMgqibelo. Lagcina ukuwina indebe ngo-2014, ngesikhathi uSenzo esaphila.

USam uthe ubelokhu ezama ukuxhumana nabaphathi beBhakabhaka efuna usizo kubo kodwa bemshaya indiva.

Oweqembu uFloyd Mbele uthe akafuni ukukhuluma ngokuphawula okwenziwa nguSam. "Angifisi ukuphawula noma ukuphendula imibuzo ngalokhu. Amazwi kaSam nge-Orlando Pirates ayishwa."

UBrigadier Vishnu Naidoo uthe uphenyo ngokubulawa kukaSenzo luyaqhubeka kodwa bekungakaboshwa muntu okwamanje. 

UMengameli wenhlangano yabalaphi bendabuko uSazi Mhlongo uthe iPirates kufanele ikhulume noSam ukuthola indlela eya phambili.

"Kufanele bazidingide lezi zinkinga bathole nenyanga enamandla ezobenzela usiko bacele ukuba umoya kaSenzo uyeke ukuhlupha iqembu.

Ungoti wezamasiko uVelaphi "VVO" Mkhize, uthe abantu abalele bangakwazi ukuthikameza okuthile ababekuthanda kakhulu besaphila.

"Bayabambelela kulokho benze noshintsho ngenhloso yokuthumela umyalezo ngokuthi bazizwa kanjani."

 - Daily Sun


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...