IBaroka ithi lizoshona elanamuhla esengoweChiefs uNtshangase

2018-01-04 14:01

Johannesburg - IBaroka FC ilindele ukuba lishone elanamhlanje esengumdlali weKaizer Chiefs uSiphelele Ntshangase.

Ngokusho kwesikhulu esiphezulu seBaroka uMorgan Mammila, isivumelwano sesifana nesesiphothuliwe ngemuva kokulungisa lezo zinto ezincane neChiefs.

NgoLwesithathu uMammila uthe Amakhosi akubeke etafuleni ngalo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala, obiza imali engafinyelela ku-R4 million ngokwakhe ukubona, kuncane kakhulu.

OLUNYE UDABA: IChiefs ikuqinisekisile ukuthi usengowayo obedlalela iCeltic

Kodwa kubukeka sengathi lamakilabhu asevumelene ngezinto ebeziyizingqinamba ngesivumelwano kanti lo mdlali usengalifezekisa iphupho lakhe lokudlalela ikilabhu yaseNaturena.

"Isivumeno sesiku-90%. Bekunezinto ezincane ebeziphazamisa isivumelwano. Kodwa noma yinini kusukela manje [isivumelwano sizobe sesiphothuliwe],” kusho uMammila kwiKickOff.com.

Uma isivumelwano siphothulwa, uNtshangase uzobe engumdlali wesithathu ukusayiniswa yilezi zinkunzi kulandela ukusayinisa uLeonardo Castro noKabelo Mahlasela. 

Khonamanjalo, iChiefs ibolekise uLorenzo Gordinho kwiPhunya Sele Sele.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...