IBaroka isiqinise ezokuphepha ngaphambi komdlalo neChiefs

2017-03-14 11:02

Cape Town - IBaroka FC isiqinisekise ukuthi isithathe izinyathelo ezinqala ukuqinisekisa ukuthi abalandeli kanye nabadlali baphephile ngaphambi komdlalo wabo neKaizer Chiefs.

“IBaroka FC izokwamukela iKaizer Chiefs ngoMgqibelo mhlaka-18 March 2017 ePeter Mokaba Statium,” sifundeka kanjalo isitatimende.

OLUNYE UDABA: BUKA: Abalandeli bahlasele abadlali kuhlulwa yiqembu ngo-6-1

“Lo mdlalo uhlelelwe u-20:15; amasango azovulwa ngo-15:30. Nobukhazikhazi obuningi enkundleni, abalandeli bacelwa ukuba bafike kusenesikhathi emdlalweni ukunciphisa isiminyaminya ngaphambi komdlalo, iqembu eliqokwe yithimba labaqeqeshi ngokwesekwa abaphathi selikulungele ukunikeza abalandeli umdlalo ofanelwe yimali.

“Zonke izinhlaka ezithintekayo zibandakanyiwe ukulungiselela lo mdlalo omkhulu, ezokuphepha ngaphakathi kanye nangaphandle kwenkundla zihleliwe ukuqinisekisa ukuthi abalandeli baphephile, abezempilo bazotshalwa enkundleni uma kuba nesimo esiphuthumayo.

“Amaqembu womabili adlale kahle ngempelasonto edlule, ngakho silindele izihlwele eziningi, amagatsha awo womabili amaqembu azosiza abalandeli bangene enkundleni.”

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-23°C Sunny. Mild. Pta: 12-22°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 8-19°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 4-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Decreasing cloudiness. Cool. PE: 15-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...