IBaroka isiqashe umqeqeshi ozosebenzisana noThobejane

2017-03-07 11:00

Johannesburg - Kubikwa ukuthi iBaroka FC isiqashe uMilton Dlamini ukuba asebenzisane nomqeqeshi uKgoloko Thobejane.

UDlamini ubesebenza njengomsizi womqeqeshi weqembu elidlala kuFirst Division iMbombela United kanti uke wasebenza eSwazini phambilini.

Useke waba ngumsizi kaNeil Tovey kwiThanda Royal Zulu eminyakeni emihlani eyedlule.

OLUNYE UDABA: Welule inkontileka ocasule abalandeli beChiefs

UDlamini uqale namhlanje ukusebenza kanti uzobe esebhentshini uma iBaroka isidlala neFC Cape Town ngoMgqibelo.

“UMilton uzosebenzisana noKgoloko kanti umsebenzi wakhe uwuqale namhlanje,” kusho okhulume iqembu uJimmy Ngobeni.

- KickOff.com

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Sunny. Cool. Pta: 5-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-15°C Morning clouds. Cool. Bloem: -4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 6-17°C Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...