IBaroka FC izimisele ngokumgcina isikhathi eside uDoctor Khumalo

2018-03-13 16:01

Johannesburg - IBaroka FC izimisele ngokumgcina isikhathi eside kule kilabhu umqondisi wethimba labaqeqeshi uDoctor Khumalo.

Usihlalo wekilabhu uKhurishi Mphahlele ugculisekile ngomsebenzi osuwenziwe uKhumalo selokhu efike kule kilabhu kuqala isizini.

Iningi lalithi uKhumalo uqashwe ngenhloso yokuba abengumqeqeshi uma sekuhambe uKgoloko Thobejane, kodwa kuyacaca ukuthi akaqashelwanga lokho.

OLUNYE UDABA: UThobejane uzophikisa isinqumo sokuxoshwa kwakhe

Ithuba lokuba athathe izintambo lifikile ngesikhathi iBaroka ixosha uThobejane kodwa uKhumalo waqhubeka nomsebenzi wakhe.

UKhumalo unconywa kakhulu ngokunikeza abadlali abafana noGift Motupa noTalent Chawaphiwa inkululeko yokusebenzisa ithalente labo ngendlela ezohlomulisa ikilabhu.

“Wenze izinguquko eziningi. Uma ubuka indlela ikilabhu edlala ngayo, uzobona ukuthi ayisafani nangonyaka odlule,” esho.

IBaroka inikeze ithuba uMacDonald Makhubedu lokuba azibonakalise kuze kuphele isizini.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 11-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-21°C Morning clouds. Cool. PE: 10-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...