IBaroka FC imise umqeqeshi

2018-02-09 18:01

Jojannesburg - Umqeqeshi weBaroka FC uKgoloko Thobejane usemisiwe emsebenzini wakhe, kuqinisekisa le kilabhu.

Isikhulu esiphezulu kule kilabhu yaseLimpopo, uMorgan Mammila‚ asizange sidalule izizathu zokumiswa kukaThobejane.

“Yebo kuyiqiniso. Umqeqeshi umisiwe,” kusho uMammila ngoLwesihlanu ntambama.

Imibiko yabezindaba ayichithile uMammila‚ ithi lo mqeqeshi umiswe ngenxa yezinsolo ezithi wayephuza utshwala nabadlali abathize ngemuva komdlalo.

OLUNYE UDABA: Usevumbuke kweny eikilabhu owayedlalela iDowns neBafana

Kuthiwa lokho kwenzeke ebhasini lekilabhu ngesikhathi iBaroka ibuya emdlalweni wayo neFree State Stars we-Absa Premiership eyahlulwa kuwona ngo-2-0.

“Ayikho leyo nto. Akulona iqiniso lelo. Abantu nje abaqagulayo,” kusho uMammila.

Ebuzwa ukuthi angazidalula yini izizathu eziholele ekumisweni kukaThobejane, uMammila: “Cha‚ lolu wudaba lwangaphakathi. Kodwa alukho mayelana nezinto okuthiwa zenzeka eFree State.”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 13-21°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-24°C Tstorms early. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...