IBafana yehle ngezindawo ezimbili ohlwini lweFIFA

2017-04-06 16:00

Zurich – Iqembu lesizwe lakuleli, iBafana Bafana, selehle ngezindawo ezimbili ohlwini lweFIFA lwamaqembu ahamba phambili emhlabeni.

Leli qembu lesizwe lehle phezu kokuthi belisanda kubhaxabula i-Guinea-Bissau ngo-3-1, laphinde ladlala ngokulingana ne-Angola emidlalweni yakamuva yobungani.

Kuyimanje iBafana ihleli endaweni yesi-64 kumaqembu ahamba phambili emhlabeni, kanti isendaweni yesi-12 emaqenjini ahamba phambili ezwenikazi i-Afrika. Kubukeka sengathi nerekhodi layo lakamuva lokungashaywa imidlalo ize ibe ngu-17 alizange liyisize ngalutho.

Ngakolunye uhlangothi, iBrazil isinyukele endaweni yokuqala kulolu hlu lweFIFA okokuqala ngqa eminyakeni engu-7 nalapho ibhincisele nxaye izimbangi zayo ezinkulu i-Argentina.

OLUNYE UDABA: Ziyaqhubeka izingxoxo phakathi kukaBaxter neSAFA

Kwenzeka lokhu nje ngesonto eledlule iBrazil ibe yizwe lokuqala ukuthi ihlungelwe imidlalo yeNdebe yoMhlaba yangonyaka ka-2018 eRussia.

IBrazil yasuka endaweni yokuqala ohlwini lwamaqembu ahamba phambili kuFIFA ngemuva kokukhishwa emqhudelwaneni weNdebe yoMhlaba wangonyaka ka-2010 nowawuseNingizimu Afrika.

Amaqembu angu-10 ahamba phambili ngokohlu lwakamuva lweFIFA:

1. Brazil

2. Argentina

3. Germany

4. Chile

5. Colombia

6. France

7. Belgium

8. Portugal

9. Switzerland

10. Spain

Bese kuba:

64. South Africa

 

Amaqembu angu-10 ahamba phambili ngokohlu lwakamuva lweCAF:

1. Egypt

2. Senegal

3. Cameroon

4. Burkina Faso

5. Nigeria

6. Congo DR

7. Tunisia

8. Ghana

9. Cote d'Ivoire

10. Morocco 

Bese kuba:

12. South Africa

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Passing showers. Partly cloudy. Mild. Pta: 4-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...