IBafana izovuka izithathe - Gordinho

2017-07-04 09:29

Johannesburg - Isitobha seBafana Bafana uLorenzo Gordinho uyagcizelela ekutheni iqembu lizovuka lizithathe kulandela ukuhlulwa yiTanzania ngo-1-0 kuma-quarter-final e-2017 COSAFA Castle Cup.

IBafana ikhale ngaphansi kulandela igoli lika-Elias Maguri alishaye ngomuzu ka-18 kulo mdlalo obubanjelwen eRoyal Bafokeng Stadium ngeSonto, kubika iKickOff.com.

Yize abaningi bephoxekile ngemuva kwalo mphumela, lo mdlali weBafana neKaizer Chiefs, umile kwelokuthi lesi bekuyisithiyo ebesimi endlelenii yabo eya empumelelweni.

OLUNYE UDABA: Ukubuya kwaMathoho kuzosilekelela: Gordinho

“Kuyajabhisa kakhulu ngoba besifuna ukwenza kangcono kulo mqhudelwano size sifinyelele kowamanqamu. Abafana badangele ngoba basebenze ngokuzimisela bazama nokuzibonakalisa kumqeqeshi kepha kwangalunga.

“Sizokwazi ukubuyela emgqigqweni ngomdlalo wangoLwesibili,” kusho uGordinho ngesitatimende se-SAFA.

Lo mdlali waMakhosi obengomunye wabadlali abathathu abebengaqali ukudlalela iBafana esikwatini sangeSonto – abanye bekungoJudas Moseamedi [Cape Town City] noCole Alexander [SuperSport United].

“Kuhle kithi ukuba sithole isipiliyoni emidlalweni yamazwe omhlaba, kanjalo nabadlali abasebancane nabo ngoba yiyo indlela abazokhula ngayo le,” kuphetha uGordinho.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...