IBafana izobhekana ne-Angola e-East London

2017-03-20 11:02

Cape Town – Iqembu lesizwe lakuleli, iBafana Bafana, lizotholana phezulu ne-Angola emdlalweni wobungani ngoLwesibili, mhlaka-28 kuMashi, enkundleni yezemidlalo iBuffalo City Stadium (eyayaziwa nge-Absa Stadium) e-East London.

Lo mdlalo uzoqala ngo-19:00 kusihlwa.

Ngaphambi kwalo mdlalo, iNingizimu Afrika izobhekana neGuinea-Bissau ngoMgqibelo, ngomhlaka-25 kuMashi, komunye umdlalo wobungani.

Lo mdlalo wona uzoba senkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida Stadium eThekwini. Umdlalo uzoqala ngo-15:00 ntambama.

OLUNYE UDABA: ‘Ukuphoxeka okukhulu’ iTheku liphunyulwa imidlalo yama-Commonwealth

Ngokwe-website yeSAFA, iBafana Bafana iye ekhempini ngeSonto kusihlwa (ngomhlaka-19 kuMashi) kanti izolobhekisa eThekwini ngoMsombuluko ekuseni (ngomhlaka-20 kuMashi) ukuze iqale ukuzilungiselela le midlalo emibili.

Umqeqeshi osabambe okwesikhashana, u-Owen da Gama, usesimemezele isikwadi sabadlali abangu-25 azogadla ngabo.

ISIKWADI SEBAFANA BAFANA

Onozinti: Itumeleng Khune, Darren Keet and Shu-aib Walters.

Abasemuva: Rama Mphahlele, Rivaldo Coetzee, Thulani Hlatshwayo, Eric Mathoho, Lorenzo Gordinho, Diamond Thopola, Tebogo Langerman.

Abasesiswini: Hlompho Kekana, Thabo Mnyamane, Keagan Dolly, Andile Jali, Kamohelo Mokotjo, Tiyani Mabunda, Dean Furman, Themba Zwane and Thulani Serero.

Abagadli: Percy Tau, Lebohang Manyama, Phakamani Mahlambi, Lars Weldwijk, Kermit Erasmus, Luther Singh.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-25°C High level clouds. Warm. Bloem: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...