IBafana Bafana isithelekile eSenegal

2017-11-13 11:01

Cape Town - IBafana Bafana itheleke ekuseni ngeSonto eDakar ukuqalisa amalungiselelo omdlalo wokugcina wokuhlungelwa iNdebe yoMhlaba ka-2018 neSenegal.

La maqembu womabili adudulane ngoLwesihlanu enkundleni ebigcwele phama iPeter Mokaba Stadium lapho izivakashi zimbozele khona iBafana ngamaphutha amabili ewenzile zagoduka namagoli amabili.

"Uma umuntu edlalela izwe, awukho umuzwa odlula owokudlala ngokuzinikela. Siya kulo mdlalo wangoLwesibili ngenhloso yokuwunqoba, akukho okunye," kusho lo mqeqeshi weBafana uStuart Baxter.

OLUNYE UDABA: Angiyi ndawo, kusho umqeqeshi weBafana

Yize ebukeka ekhandlekile kulandela uhambo olude njengoba iqembu lisuke ePolokwane ngoMgqibelo ngemuva kokuzilolonga amahora amabili, iBafana ibe isithatha indiza yamahora angu-8 ebheke eDakar - umqeqeshi uthembise okuhle kodwa.

Iqembu lizozilolonga namhlanje (ngoMsombuluko) ebusuku enkundleni elizodlalela kuyona. Lo mdlalo uzoqala ngo-21:30.

Yonke imidlalo yamaqembu ase-Afrika yokuhlungelwa iNdebe yoMhlaba izophothulwa ngoLwesibili.

IBafana ithole okukhulu ukugxekwa ngabalandeli bebhola ngemuva kokukhala ngaphansi idlala neSenegal ngoLwesihlanu.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...