I-SuperSport United isayinise oweBafana

2016-09-01 10:03

Johannesburg - ISuperSport United isayinise umdlali wasesiswini weBafana Bafana, u-Aubrey Modiba obesedlalela iCape Town City, kubika iSoccerLaduma.

Phambilini kubikwe ukuthi iSuperSport neMamelodi Sundowns ngemizuzu yokugcina bebezama ukusayinisa lo mdlali.

Funda nalolu daba: Kudumale abalandeli beChiefs leli qembu lingasayinisi muntu odumile

Kodwa igcine ikuqinisekisile kuTwitter iPremier Soccer League ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-21 ubudala usayiniswe yiSuperSport inkontileka yeminyaka emine.

Ukufika kukaModiba kuleli qembu kungemuva kosuku lisayinise owayengumdlali weKazier chiefs, uTefu Mashamaite.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-25°C Partly cloudy. Mild.
Jhb: 13-21°C Morning clouds. Mild. Bloem: 6-22°C High level clouds. Mild.
Dbn: 19-24°C Tstorms early. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 13-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...