I-Spurs iqinise ithimba layo ngowayengumdlali wePirates

2018-03-09 18:01

Johannesburg - Iqembu elidlala kwiNational First Division iWitbank Spurs seliqinise ithimba labaqeqeshi ngalowo owayengumqeqeshi weMbombela United uVusi Mkhatshwa nalowo owayengunozinti we-Orlando Pirates uWilliams Okpara.

ISpurs ngoLwesihlanu ikuqinisekisile ukuqokwa kukaMkhatshwa njengomqeqeshi, othatha izintambo kuThemba Mafu, osezoba ngumqondisi wethimba labaqeqeshi.

OLUNYE UDABA: Omunye futhi umqeqeshi osekhonjwe indlela

"Iqembu liqinise ithimba labaqeqeshi ngokwengeza amalungu amasha. UVusi Mkhatshwa, osebuya okwesibili, usezoba ngumqeqeshi,” ngokusho kwesitatimende sekilabhu.

"UMnu Mafu uzozothatha izintambo zokuba umqondisi wethimba labaqeqeshi. Unamava amaningi ngeligi esikuyona futhi sinethemba lokuthi uzofaka imibono ebalulekile ebhentshini.”

Khonamanjalo, u-Okpara uzothatha izintambo zokuba umqeqeshi wonozonti.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 11-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-21°C Morning clouds. Cool. PE: 10-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...